Yini inhloso yokubopha umuntu?
Yini inhloso yokubopha umuntu?
yezinqubo zokubopha umuntu ezilungile; kanye nokusebenzisa indluzula okunesisekelo lapho kuboshwa umuntu ngezingxoxo zamaqembu kanye namaqembu emvunge.
Ukubopha umuntu yindlela yomthetho yokuqinisekisa ukuthi lowo obekwe icala uyeza enkantolo. Umuntu oboshiwe uthathwa ngokuthi umsulwa kuze kutholakale ubufakazi bokuthi unecala. Ngokwalesi sizathu wonke umuntu oboshiwe kumele aphathwe kahle nangokuhambelana nomthetho.
Akhona amaphosta azisa ngamalungelo eziboshwa. Iphosta kumele ibekwe odongeni ngaphambi kokuqala kwale seshini.
Inhloso yalo msebenzi ukunikezela ngezinhloso zale seshini.
Ukuthi isigaba 38 soMthetho weNqubo yeZobugebengu naso sihlinzeka ngezindlela ezingcono kunokubopha ukuze kuqinisekiswe ukuza enkantolo.
Lezi zindlela kumele zibhekwe ngaphambi kokuthi kukhethwe ukubopha ngoba isigaba 36 (e) soMthethosisekelo sikhomba ukuthi kumele ubheke izindlela ezivimbela ukukhululeka kangcono ukuze kufezwe inhloso (kulesi simo ukuqinisekisa ukuza komuntu enkantolo). Ukubopha kumele kube yinto yokugcina ngci.
Ukubopha akuyona indlela yokususa umuntu emphakathini okwesikhashana ukuze kuhlanzeke indawo, futhi akuyona indlela yokujezisa.
Umuntu angaboshwa kukhona iwaranti noma ingekho. Khumbula ukuthi kuyohlala kungcono ukuthola iwaranti. Okuhle ngayo ukuthi ivikela iphoyisa ukuthi lingabekwa icala nokuthi iqinisekisa ukuthi ukubopha kanye nokuthola ubufakazi kuba semthethweni. Iwaranti yokubopha ingatholakala emantshini noma omele iqiniso lokuthula, okungabala iphoyisa elingukhomishana elinesikhundla sikakapteni noma ngaphezulu.
Inhloso yalo msebenzi ukuxoxisana ngenhloso yokubopha umuntu nezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi uyeza enkantolo.
Yini inhloso yokubopha umuntu?
Kuchaza ukuthini ukuthi umuntu uthathwa njengomsulwa?
Yiziphi ezinye izindlela ezikhona, ngaphandle kokubopha, ezingaqinisekisa ukuthi obekwe icala uyeza enkantolo?
Cela abafundi ukuthi bethule umbiko ngabakuxoxile. Lawula ingxoxo bese uyafingqa.
Izinto okufanele zisetshenziswe ngesikhathi sokufingqa.
Asikho isidingo sokumthinta umuntu ovumayo lapho eboshwa.
Uma umuntu enqaba ukuboshwa kungasetshenziswa leso sihluku esidingekayo (isihluku esincane) ukuze kufezwe lokho kuboshwa.
Umuntu okunguyena obophayo kumele, ngokushesha, azise lowo oboshwayo isizathu sokumbopha.
Uma umuntu eboshwa ngewaranti kumele kukhishwe ikhophi yayo lapho icelwa.
Umuntu oboshwayo kumele aziswe amalungelo akhe ngokushesha (ngokushesha okufanele okungakwazeka kuleso simo) aqinisekiswe esigabeni 35 no- soMthethosisekelo. Iphoyisa kumele limazise futhi limchazele wonke la malungelo lowo muntu oboshwayo futhi lenze isiqinisekiso sokuthi uyawaqondisisa ngokwesigaba 35 soMthethosisekelo.
Ukuthathwa njengomsulwa kuhambisana nelungelo lokungazifaki ecaleni nelokuthula.
Obekwe icala akaphoqelekile ukuthi asize umbuso ecaleni. Uma umbuso ubeka umuntu icala, umbuso kumele uthole ubufakazi obungangabazeki bokuthi lowo muntu unecala.
Inhloso yalo msebenzi ukuthi amaphoyisa acabange ngamalungelo abantu ababoshiwe kanye nemisebenzi ebhekene nawo neyabantu ababoshiwe.
Iyiphi indlela efanele yokubopha umuntu?
Yimaphi amalungelo nemisebeni yomuntu oboshwayo?
Yimuphi umsebenzi wephoyisa ngesikhathi liphopha umuntu?
Yikuphi okumele iphoyisa likwazise umuntu oboshwayo ngesikhathi limbopha?
Yithi amaqembu awabhale phansi izimpendulo.
Thola umbiko weqembu neqembu ngezinto ezehlukene. Yithi iqembu malinikezele ngempendulo eyodwa bese kwedlulelwa kwelinye iqembu uze uthole zonke izimpendulo.
Xoxani ngamalungelo, uqhube ingxoxo ejwayelekile bese niyafingqa.
Okumele kusetshenziswe ngesikhathi sokufingqa nobuntu, ngokubonelela ilungelo lokukhululeka nokukhuseleka kwalowo muntu. Ukuboshwa kungukukhinyabeza okukhulu kwamalungelo omuntu. Ukuboshwa kukhinyabeza amalungelo omuntu.
Bonke abantu kumele baphathwe ngesithunzi nangenhlonipho. Iphoyisa akumele lethuke noma lisebenzise ulimi oluhlukumezayo kumuntu oboshwayo, ngoba lokho kungamehlisa isithunzi umuntu. Uma iphoyisa lingasihloniphi isithunzi somuntu kuba lula ukuthi kusetshenziswe nomthetho ngendlela engeyiyo. Ukuziphatha kwephoyisa kuyocutshungulwa ngaphansi kwesigaba 10 soMthethosisekelo.
Ilungelo lomuntu lenkululeko nokuvikeleka lifaka nelungelo lesithunzi ngokomzimba nangokwengqondo. Lokhu kusho ukuthi umuntu ungolawula ingqondo nomzimba wakhe. Ilungelo lokuvikeleka ekuhlukunyezweni ngokwengqondo nangokomzimba kubala nokuthi akukho muntu ongavele ngaphandle kwesizathu esibonakalayo, ngamanye amazwi lapho kungekho okungagunyaziwe nguMthetho wePhalamende noma umthetho wabantu bonke aboshwe, avalelwe futhi aseshwe. Ngokwenabile, inkululeko yomuntu ikhomba ilungelo lomuntu lokuthi avikeleke ezenzweni ezingubudedengu zombuso okungathi ngesinye isikhathi zihlukumeze noma zilulaze isithunzi somuntu ngokwengqondo noma ngokomzimba.
Isigaba 35 soMthethosisekelo.
Umhlahlandlela wasekhukhwini wamaLungelo Abantu nokwenza kwamaPhoyisa amakhasi 18 - 21.
Uma umsolwa ethi wavuma ngaphansi kokucindezelwa, impoqo, ukuhlukunyezwa, ukwesatshiswa noma isethembiso (ngamanye amazwi akavumanga ngokukhululeka nangokuzikhethela) akumele aveze ubufakazi bokuthi akavumanga ngokuzikhethela nangokukhululeka.
Amaphoyisa nomshushisi kumele baveze ubufakazi bokuthi ukuvuma okwenziwa ngaphambi kwemantshi kwabe kungokokuzikhethela nangokukhululeka.
Lezi yiziboniso zamalungelo angahle akhinyabezeke. Akhona amanye amalungelo angahle akhinyabezeke ngenxa yokuboshwa, njengesigaba 14 (Ukuba wedwa), isigaba 18 (Ukuhlangana nabantu) namanye amalungelo amaningi angakhinyabezeka ngezindlela ezahlukene.
Umuntu oboshiwe lapho nje eqeda ukubohswa unamalungelo esigabeni 35 , no- soMthethosisekelo.
Ilungelo lokuthula linikeza umuntu oboshiwe ukuzikhethela phakathi kokuthula (angakhiphi isitatimende noma aphendule imibuzo) noma ukwenza isitatimende noma aphendule imibuzo. Ukuthula kusho ukuthi umuntu akafuni ukusho lutho ngecala abekwe lona, kodwa umuntu kufanele anikeze igama lakhe nekheli lapho ebuzwa ngumgcini kuthula (okungabandakanya nephoyisa). (isigaba 41 se-CPA).
Ukuze ukhethe ngolwazi, uMthethosisekelo umise ukuthi iphoyisa elibopha umuntu kufanele limazise oboshwayo ngemiphumela yokungathuli.
Buza abafundi ukuthi bayawazi yini umahluko phakathi kokwamukela nokuvuma.
Ukuvuma ukwamukela konke okuphathelene necala kanti kuzikhipha zonke izaba. Uma kwenziwa enkantolo yomthetho, kuba ukuvuma icala.
Ukwamukela yisitatimende noma isenzo esingasiza lowo muntu osenzayo (isiboniso ukuvuma ingxenyana yecala) kodwa akubi ukuvuma.
Inhloso yalo msebenzi ukuxoxisana ngebheyili.
Tshela abafundi ukuthi badingide ngombuzo nemigomo ephathelene nokufaka isicelo sebheyili.
Angasifaka kuphi futhi nini isicelo sebheyili umuntu oboshiwe?
Umuntu oboshiwe kumele aziswe ngelungelo lakhe lokufaka isicelo sebheyili ngokushesha ngangokuba kungenzeka. (isigaba 50 se-CPA).
Ukungaphoqwa ukuvuma noma ukwamukela.
Akukho muntu ongaphoqwa ukuthi avume noma amukele icala engafuni. Uma umuntu ephoqwa noma yingayiphi indlela ukuthi enze isitatimende, leso sitatimende asiyukwamukelwa (asiyukwamukelwa njengobufakazi) enkantolo yomthetho.
Ibheyili iyindlela yokunciphisa ukukhinyabezeka kwelungelo lomuntu lenkululeko nokukhuseleka (isigaba 12 soMthethosisekelo). Ibheyili futhi iyisiqinisekiso sokuthi lizoqulwa icala lomuntu. Abasolwa bangakhishwa ngebheyili yephoyisa (kumacala amancane) noma bangafaka isicelo sebheyili kumshushisi noma enkantolo yomthetho.
Umuntu oboshiwe unelungelo lokudedelwa ekubanjweni uma intshiseko yobulungiswa ikuvumela, ngokuhambelana nemigomo ezwakalayo (Isigaba 35 (f) soMthethosisekelo). Ilungelo lokudedelwa ekubanjweni ngebheyili noma ngaphandle kwayo, ngaphandle kokuthi intshiseko yobulungiswa ifuna ngokunye, isondelene kakhulu nelungelo lenkululeko nokukhuseleka komuntu kanye nelungelo lokuthathwa ngokuthi umsulwa uze utholwe unecala yinkantolo efanele.
yebheyili. Isicelo sebheyili kumele silethwe ngosuku lwenkantolo, loko kusho ukuthi phakathi kuka -9 ekuseni no 4 ntambama.
Isicelo sebheyili asisakwazi ukufakwa ngemuva kwamahora okusebenza.
Umsolwa angakhishwa ngebheyili yephoyisa (kumacala amancane). Lebheyili yephoyisa ingakhishwa nangemuva kwamahora okusebenza. Uma iphoyisa lingakwazi ukukhipha ibheyili ngokwesigaba 59 se CPA noma lenqaba ukukhipha ibheyili, lelophoyisa kumele lihambise lowomuntu oboshiwe enkantolo yomthetho ukuthi aye kozifakela isicelo sebheyili ngokushesha kangangoba kungenzeka. Khumbula ukuthi isicelo singafakwa ngamahora okusebenza kuphela.
Ngokushesha kangangoba kungenzeka kusho ukuthi ngokushesha kangangoba kungenzeka ngaphansi kwesimo esikhona. Lokhu kungasho, isiboniso, ecaleni lokushayela uphuzile, iphoyisa kungafanela ukuthi liqale lihambise lowomuntu oboshwiwe kudokotela wesifunda ukuyohlolwa igazi kuqala ngaphambi kokuthi limyise enkantolo. Isizathu saloku ukuthi igazi kumele lithathwe engakapheli amahora amabili eboshiwe umuntu.
Abasolwa bangadedelwa futhi ngebheyili ekhishwa ngabashushisi bombuso. Lebheyili nayo ingakhishwa ngemuva kwamahora okusebenza, kodwa umuntu oboshiwe akakwazi ukuyifuna kanti ikhishwa yiphoyisa ngokubona isidingo.
Uma oboshiwe ezolulaza noma aphazamise inhloso yokusebenza eyiyo yendlela yezobulungiswa kwezobugebengu, sekuhlangene nohlelo lwebheyili.
lapho kunesimo esehlukile sokuthi kungenzeka ukudedelwa koboshiwe kuphazamise umphakathi noma kululaze uxolo noma ukuvikeleka komphakathi.
b ukuthi ukudedelwa koboshiwe kungaholela yini ekuphazamisekeni kunesidingo sokukhipha lebheyili, kuyalulekwa ukuthi ikhishwe ibheyili noma yinini lapho kungenzeka. Abashushisi kumele bathintane nephoyisa elimbophile umuntu ngaphambi kokuthi bakhiphe ibheyili.
Ecaleni eliphakathi kuaProkureur Generaal, Vrystaat no Ramakhosi ngo 1996 SA 207 (O) kwanqunywa ukuthi uMmeli-Jikelele akakwazanga ukukhipha ubufakazi bokuthi kwakungenzeka umsolwa abeke ukuphepha komphakathi noma okomuntu othile engozini noma enze icala lesheduli 1 uma ayengadedelwa ngebheyili (ikhasi 219 B-B). Inkantolo yanquma ngokuthi futhi wayengeke azame ukugwema ukuqulwa kwecala noma esabise noma athenge ofakazi noma aphazamise ubufakazi. (ikhasi 235 F-G). Inkantolo yaphetha ngokukhomba ukuthi njengoba uphenyo lwalusazoqhubeka izinyangana, umsolwa, owabe engusomabhizinisi, wayezolahlekelwa kakhulu ngokwezimali uma enqatshelwa ibheyili, ngakho-ke intshiseko kwezobulungiswa yayingasiboni isidingo sokuthi aqhubeke nokuvalelwa umsolwa.
Uma singekho isidingo sokuthi ubophe umuntu ntambama ngaphambi kokuqala kwempelasonto ende, ungakwenzi.
Akuwona umsebenzi wephoyisa ukujezisa umsolwa.
Umuntu uthathwa ngokuthi umsulwa kuze kutholwe ubufakazi bokuthi unecala omphakathi ngenxa yokwethuka nokudinwa cukuthi angaba sengozini yini umsolwa uma ededelwa d ukuthi kungabe ubukelwa phansi yini umuzwa wokuthula nokuphepha kumalungu omphakathi uma ededelwa umsolwa.
e. Ukudedelwa komsolwa angeke yini kululaze noma konakalise ukwethenjwa kohlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu ngumphakathi; noma f.
Kungumsebenzi wephoyisa ukuphikisa ibheyili uma kukhona owodwa noma ngaphezulu wale mibandela. Ngakho-ke kumele wenze uphenyo olunzulu uma ufuna ukuphikisa ibheyili.
Inkantolo ingakuhlehlisa ngezinsuku eziyisikhombisa ukulalelwa kwesicelo sebheyili ngokwesigaba 50 se-CPA. Uma inkantolo ivuma ukuhlehlisa ukulalelwa kwesicelo sebheyili, ungasebenzisa lesi sikhathi ukuqoqa ubufakazi obudingayo ukuphikisa isicelo sebheyili. Nakuba umsolwa enelungelo lebheyili futhi engeke anqatshelwe muntu ukuthi afake isicelo sebheyili enkantolo yomthetho, miningi imisebenzi yokuphatha yasehhovisi okumele yenziwe ngaphambi kokuthi umuntu ahanjiswe enkantolo ukuze afake isicelo sebheyili, njengokuthatha igazi nemigqa yeminwe. Ngaphandle kokuthi umuntu efisa ukuthobela lokhu, ukuthobela kwakhe ukwenziwa kobuphathiswa kuyoba umbandela webheyili yakhe.
Ukubopha ngokungemthetho nokusebenzisa indluzula enkulu kungaholela ekuvalelweni okungekho emthethweni futhi kungaphetha ngokubekwa icala, ngamacala obugebengu ngisho nangokumiswa emsebenzini.
Umsolwa angalifuna ilungelo lakhe lokuthola ummeli okhokhelwa umbuso, kodwa lokhu kuyovunyelwa kuphela uma inkantolo ibona ukuthi uma umsolwa engammtholi ummeli alizukuba khona iqiniso.
Umsolwa onikwa ummeli wombuso, akanakuzikhethela ukuthi ufuna yena muphi.
Khumbula: Bonke abantu ababoshiwe bangabavalelwe futhi banamalungelo afanayo nawabantu abavalelwe. La malungelo azochazwa ngaphansi kwesahluko esidingida ngabantu abavalelwe (isigaba 35 soMthethisisekelo).
Isigaba 50 soMthetho weNqubo yeZobugebengu sikhomba ukuthi umuntu oboshiwe kumele alethwe ngaphambi kwenkantolo engakapheli amahora angama-48 eboshiwe. Isigaba 35 (d) soMthethosisekelo asikhombi nje kuphela ukuthi umuntu alethwe ngaphambi kwenkantolo engakapheli amahora angama-48 eboshiwe, sikhomba nokuthi umuntu kumele alethwe ngaphambi kwenkantolo ngokushesha kangangoba kungenzeka. Amahora angama-48 isikhathi eside sokugcina kanti kungumsebenzi wamaphoyisa ukuthi alethe umuntu enkantolo ngokushesha kangangoba kungenzeka. Amahora angama-48 aqala ngesikhathi umuntu eboshwa futhi ethathelwa ilungelo lenkululeko. Uma kwenzeka ukuthi amaphoyisa abe sesimeni sokuthi abengakwazi ukuletha umuntu enkantolo ngemuva kwesikhathi esifushane, kodwa angakwenza lokho, ukuvalelwa okude kungatholakala kungekho emthethweni.
Amaphoyisa kumele amazise ngokushesha umuntu oboshiwe ngelungelo lakhe lokukhetha nokubonisana nommeli. Umuntu oboshiwe kumele aziswe ngokushesha ngelungelo lokunikwa ummeli okhokhelwa umbuso, uma kungase kulandele ukungabikhona kweqiniso isigaba 352b no c. Empeleni lesi sinqumo sithathwa ngosebenzela iBhodi Losizo Lwabameli.
Iphoyisa kumele libaphathe bonke ababoshiwe ngesithunzi nangenhlonipho ngesikhathi libabopha (isigaba 10 soMthethosisekelo : Isithunzi somuntu). Umuntu oboshiwe uthathwa ngokuthi umsulwa kuze kutholwe ubufakazi bokuthi unecala yinkantolo yomthetho.
Uma amalungelo omuntu enemingcele ngenxa yokuboshwa, le mingcele kumele ihlolwe ngokuqhathaniswa nezidingo ezisemabinzeni amagama emingcele (isigaba 36 soMthethosisekelo).
Lo mngcele ozanywayo kumele kuqala ube semthethweni ojwayele ukusetshenziswa. Lokhu kusho ukuthi kumele kube noMthetho wePhalamende okunika ilungelo lokuthi ubophe umuntu. Isikhathi esiningi kuzoba uMthetho weNqubo yezoBugebengu kanye neminye imithetho yasePhalamende. Umthetho ojwayele ukwenziwa ngumthetho womhlaba, obala kokubili umthetho obhaliwe nomthetho ongabhaliwe.
Amalungelo angabekelwa imingcele kuphela kangangoba kungezwakala. Lokhu kusho ukuthi umngcele kumele ube nomqondo ngaphansi kwalezo zimo. Uma kunendlela engacindezeli kakhulu engasetshenziswa, ngamanye amazwi uma ungadingi ukuthi umbophe umuntu, iphoyisa kumele lisebenzise enye indlela.
Umngcele kumele wesekeke ngendlela esobala nencike kumphakathi nasesithunzini somuntu, ukulingana nenkululeko. Lokhu kusho ukuthi kumele ukwazi ukweseka nokumela izenzo zakho enkantolo yomthetho.
Inhloso yalo msebenzi ukwenza ukuthi amaphoyisa acabange ngezindlela zokukhinyabeza amalungelo abantu nokuthi yini okumele ayibhekelele lapho ebekela la malungelo imikhawulo.
Yimaphi amalungelo omuntu oboshwayo angabekelwa imingcele?
Yithi mabahlole ukuthi ukubopha ukubeka umngcele kuyahambelana yini nesigaba 36 soMthethosisekelo.
Thola izimpendulo eqenjini ngalinye.
Lawula ingxoxo eyejwayelekile bese uyafingqa.
Izigaba 10, 12, 21 zoMthethosisekelo esifanayo. Kufanele uhlale uphatha wonke umuntu ngokuzithoba nangenhlonipho futhi akufanele ubandlulule muntu, noma ngabe ngubani. Khumbula, Umuntu uthathwa ngokuthi umsulwa kuze kutholakale ubufakazi bokuthi unecala enkantolo yomthetho.
NgokweSigaba 36 (a) kuya ku-(e) umgomo wokusimama uyasebenza. Lokhu kusho ukuthi noma yikuphi ukukhinyabezeka, isiboniso, ilungelo lomuntu lokushiywa yedwa noma lenkululeko yokuhamba kumele lihambelane nohlobo kanye nokujula komonakalo odalekile. Kufanele-ke kube nokuhambelana phakathi kwelungelo lomuntu lokuba nendawo yakhe nenkululeko yokuhamba kanye nokujula kwecala.
Okubaluleke kakhulu ukuthi kukhunjulwe lapho kuboshwa umuntu ukuthi kumele kube khona ukulingana phakathi kokwenza umsebenzi wakho kahle nokuhlonipha amalungelo omsolwa. Uma beboshwa abasolwa, basuke bengakatholwa benecala yinkantolo yomthetho.
Ngesikhathi ebopha umuntu, amaphoyisa awavunyelwe ukusebenzisa indluzula ukuze ajezise umuntu oboshwayo. Uma udinga ukusebenzisa indluzula ukuze uphumelelise ukubopha, kusho indluzula encane ngempela edingeka kuleso simo.
Ukusetshenziswa kwendluzula kungaphazamisa kwesinye isikhathi kukhinyabeze okungenani elilodwa, isikhathi esiningi ngaphezu kwelilodwa, kula malungelo angenhla. Ngakho-ke ukusetshenziswa kwendluzula kumele kuhlale njalo kuhambelana nomthetho.
Okumele ukubheke lapho usebenzisa indluzula ngesikhathi ubopha umuntu.
Bekulungile, kufanele futhi kuyimpumelelo yini ukusebenzisa indluzula?
Kungavikelwa yini enkantolo yomthetho lokhu kusetshenziswa kwendluzula?
Ukusetshenziswa kwendluzula kungabe kubangele ukulimala okuncane?
Inhloso yalo msebenzi ukudingida ngamazinga ehlukene esihluku esingasetshenziswa ngesikhathi kuboshwa umuntu.
Tshela abafundi ukuthi mabaxoxisane ngamazinga ahlukene esihluku esingasetshenziswa lapho kuboshwa umuntu, baqale ngobuncane besihluku esingasetshenziswa.
Sebenzisa indluzula elingene.
Sebenzisa leyo ndluzula kuphela edingekela ukuzivikela wena nabantu abamsulwa abazidlulelayo nokuthi kuphumelele ukubopha umuntu.
Kumele usebenzise indluzula kuphela edingekela ukugwema ingozi, ukulwa nokuhlasela. Izinga lendluzula liye ngobukhulu bengozi, ukulwa nokuhlasela.
Uma umuntu enqaba ukuboshwa, ubukhulu becala asolelwa lona kungabamba iqhaza elibalulekile esinqumeni sokuthi kusetshenziswe indluzula enjani.
Kunohlobo lwendluzula okungafanele ulusebenzise uma kuyicala elincane. Sebenzisa indluzula encane kuphela.
Uma umuntu engenqabi ukuboshwa, akufanele usebenzise ngisho nencane indluzula.
Lezi zindlela ezilandelayo zichaza umgomo wokwanele futhi zitshengisa amazinga ahlukene endluzula engasetshenziswa ngesikhathi kuboshwa umuntu.
Uma umuntu ezichaza ngokuthi uyiphoyisa ngokumbona noma ngokuzisho.
noma eqondisa noma eduduza.
Uma iphoyisa lilayela ngomlomo noma litshela umuntu ukuthi enze okuthile. (Isiboniso: uma umsolwa ebaleka bese iphoyisa limemeza lithi makame).
Amasu anamathuba amancane okulimala.. Isibonelo: Uma iphoyisa libeka isandla ehlombe lomuntu bese limtshela ukuthi aliphelezele.
Amasu okungenzeka alimaze.
Ukusebenzisa amandla, ubuhlungu ukuze umuntu athobe, ukudonsa nezindlela zokuphoqa kanye namasu okuphatha kabi lapho kuhlangana khona amalungu omzimba.
Ukubamba umuntu ngengemuva lomqala uma kuyiphoyisa eliqeqeshiwe, noma olunye unyawo/umlenze/ingalo lushaye ngendlela yokufaka umfutho ezindaweni ezinemizwa ukuze kukhubazeke leso sitho somzimba okwesikhashana bese kuthi ngesikhathi esifanayo kume ingqondo okwesikhashana. Ezinye izindlela ezilahlekisa ukunyakaza okwesikhashana noma ukulawula ukusebenza.
Izinhlamvu zerabha / izikhali zomfutho njengoba zivunywe ngumnyango zisetshenziswa ngamaphoyisa aqeqeshiwe.
Ukuphoqa ngendluzula / izibhamu noma izindlela zokuphila ezingaphetha "ngokufa noma ukulimala kakhulu".
Sebenzisa kuphela indluzula edingekayo ukuzivikela wena nalabo abangenacala abazidlulelayo ngesikhathi ubopha umuntu.
Ngesikhathi libopha umuntu, kungenzeka ukuthi iphoyisa lizithole kufanele lizivikele. Khumbula ukuthi usebenzisa indluzula kuphela edingekayo ukuthi uzivikele wena nabantu abamsulwa abazidlulelayo.
Ingabe ukusetshenziswa kwendluzula kwakufanele kuleso simo?
Kwaba khona ukusimama phakathi kwesidingo sendluzula nobungako bendluzula eyasetshenziswa?
Walimala kangakanani umsolwa?
Ingabe indluzula yasetshenziswa kahle nangemfanelo noma yasetshenziswa ngobulwane, ngaphandle kwesidingo noma ngenzondo?
Lolu udaba olubucayi. Isigaba 49 se-CPA sisabhalwa kabusha. Okuqukethwe kulezi zimpendulo kungase kushintshe.
UMthethosisekelo (isigaba 11) uthi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Ngakho ke, iphoyisa lingamdubula umsolwa kuphela uma kuyisimo esikhethekile kakhulu. Kubalulekile ukuthi wazi ukuthi ukuvumela makwenzenjani umthetho ukuthi udubule umuntu obalekela ukuboshwa.
Izimisomigomo zokusetshenziswa kwendluzula ukuze kuphumeleliswe ukubopha umuntu (isigaba 49 se-CPA) zisasebenza. Imigomo ikhinyabezwa yinqubomgomo yamaphoyisa eyeseka i-CPA. Inqubomgomo isaqhubeka nokusebenza kanti ifakiwe lapha kuselulo A.
UMthetho weNqubo Yezobugebengu kanye noMthetho we-SAPS uyasisiza ukuthi siqonde ukuthi iphoyisa lingalikhinyabeza kanjani ilungelo lomuntu lokuhamba nokuphepha. Le mithetho ikutshela ukuthi enjani indluzula engasetshenziswa uma kuboshwa umuntu.
Khumbula, uma singekho isidingo sokuthi usebenzise isibhamu, ungasisebenzisi.
Umsolwa usolwa ngokwenza icala elibi elibalulwe kunqubomgomo yamaphoyisa. Qiniseka ukuthi uba nekhophi yenqubomgomo futhi uyazi ngekhanda.
Iphoyisa lizama ukubopha umuntu osolwa ukuthi wenze lolu hlobo lwecala.
Umsolwa uyazi ukuthi iphoyisa lizama ukumbophela lolu hlobo lwecala.
Ayikho enye indlela yokubopha umsolwa.
Iphoyisa selimazisile umsolwa ukuthi uzodutshulwa uma engami; kodwa umsolwa waliziba.
Abanye abantu abazukubekwa engozini uma kudutshulwa.
Inhloso yalo msebenzi ukwenza ukuthi abafundi bacabange ngokusebenzisa izibhamu ngesikhathi bebopha umuntu nokuthi baxoxisane ngenqubomgomo yobuncane besihluku.
Lingamdubula nini umsolwa obalekayo iphoyisa?
Ingasetshenziswa indluzula ekusesheni umuntu oboshiwe?
Uma engami umsolwa, kumele uqale ngokudubula emoyeni ukuze umesabise, kodwa uma kungenziwa ngaphandle kokubeka noma ngubani engozini. Uma umsolwa eqhubeka nokubaleka, sewungamdubula-ke. Kufanele uzame ukuthi umdubule ngendlela engeke imbulale, njengasemlenzeni.
uma lenza umsebenzi walo; futhi lelo lungu lesekwa ngumthetho ukuthi lisebenzise indluzula.
ilungu kumele lisebenzise ubuncane bendluzula kuleso simo.
Ukuseshwa kwezindawo zomzimba zangasese (iminsinsila nezinqa) zomuntu oboshiwe, kudinga indluzula kancane kanti kungenziwa kuphela ngudokotela noma unesi obhalisiwe futhi, uma kukholakala ngesizathu esibonakalayo ukuthi lempahla ekhonjwe kusigaba 20 ifihlwe kulezi zindawo.
Ngokwesigaba 23 (a) se CPA, ilungu lingamsesha umuntu elimbophile bese lithatha noma iyiphi impahla ekhonjwe esigabeni 20 se-CPA engatholakala kulowo muntu oboshiwe.
Kudinga ukuthi kushiwo ukuthi nakuba isigaba 23 (a) se-CPA singakugunyazile ngokusobala ukusetshenziswa kwendluzula lapho kuseshwa, uma sifundwa ndawonye nesigaba 27 se-CPA kumele sihunyushwe ngokuthi siqonde ukusho ukusetshenziswa kwendluzula uma ukusetshenziswa kwendluzula kudingeka ngokunomqondo ukuze kuseshwe.
Uma umuntu oboshiwe ezinikela ukuthi aseshwe, akumele nakancane ukuthi kusetshenziswe indluzula ukuze kuseshwe.
Uma oboshiwe enqaba ukuseshwa, leyo ndluzula, njengoba ingadingeka ngokunomqondo ukuze kuthotshwe ukulwa, ingasetshenziswa. Ukuze kufezwe le nhloso, zingasetshenziswa izindlela zokuvimba umuntu, njengozankosi.
Iyatholakala ividiyo eyimizuzu eyi-10 ebhekene nokuboshwa komuntu.
Yiziphi izindlela zokuqinisekisa ukuthi umsolwa uyeza enkantolo?
Amanothi omuntu owethula isifundo ngemuva kwevidiyo, nikeza isikhathi sengxoxo nesifingqo.
Imibuzo ingasiza ekuholeni le nqubo nokubona ukuthi yikuphi okungadingidwanga.
Bheka izinhloso bese uxoxisana ngazo nabo ngemibuzo nezimpendulo. Qinisekisa ukuthi konke obekuhlosiwe kwenziwe.
Yimaphi amalungelo omuntu oboshiwe?
Ithini imithetho yokusetshenziswa kwendluzula lapho kuboshwa umuntu, futhi ichaza ukuthini?
Umuntu oboshiwe kufanele asheshe aziswe ngamalungelo akhe "ngokushesha kangangoba kungenzeka". Kuchaza ukuthini lokhu?
Kuchaza ukuthini ukuba nelungelo lokuthula?
Kufanele aphathwe kanjani umuntu oboshiwe, kungani?
Ikhona iphosta etholakalayo enamalungelo abantu ababoshiwe. Le phosta kumele iphanyekwe odongeni ngaphambi kokuqala kweseshini ngokubopha umuntu.
d ukungahlushwa nanoma ngaluphi uhlobo; kanye e nokungaphathwa noma ujeziswe ngendlela enonya newubulwane nelulazayo.
Sebenzisa indluzula edingekayo ukuze kuphumelele ukubopha umuntu kuphela.
Bekulungile, bekufanele futhi kube yimpumelelo yini ukusetshenziswa kwendluzula?
Kungavikelwa yini enkantolo yomthetho lokhu kusetshenziswa kwendluzula?
Ingabe ukusentshenziswa kwendluzula kudale ukulimala okuncane?
Yazanywa yini kuqala indlela engeyona indluzula?
Wathotshelwa yini umgomo wokufaneleka nesidingo?
Ingabe iphoyisa lazithiba ekusebenziseni izibhamu?
Ukusebenzisa isibhamu kumuntu yindlela enzulu kakhulu: Ingabe yasetshenziswa njengesu lokugcina ngci?
Khumbula: ungasisebenzisi isibhamu uma singekho isidingo sokuthi usisebenzise.
Umsolwa esolelwa icala elibi elibalulwe kunqubomgomo yamaphoyisa. Yenza isiqiniseko sokuthi unekhophi yenqubomgomo futhi uwazi ngekhanda.
Iphoyisa lizama ukubopha umuntu osolwa ngokwenza lolu hlobo lwecala.
Umsolwa wazi kahle kamhlophe ukuthi iphoyisa lizama ukumbophela lolu hlobo lwecala.
Ayikho enye indlela yokubopha umsolwa.
Iphoyisa selimtshelile umsolwa ukuthi lizodubula uma engami; kodwa umsolwa wakuziba lokhu kwesatshiswa.
Abekho abantu abazoba sengozini uma kudutshulwa.
Uma engami umsolwa, kumele uqale ngokudubula emoyeni ukuze umesabise, uma lokhu kungenzeka ngaphandle kokubeka abanye abantu engozini. Uma engami umsolwa zama ukumdubula engxenyeni yomzimba, njengasemlenzeni, lapho emancane khona kakhulu amathuba okuthi abulawe yinhlamvu yesibhamu.
Yini inhloso yokubopha umuntu?
Kuchaza ukuthini ukuthi "uthathwa njengomsulwa"?
Yiziphi ezinye izindlela ezikhona zokuqinisekisa ukuthi umuntu uyeza enkantolo ngaphandle kokumbopha?
Iyiphi indlela efanele yokubopha umuntu?
Yimaphi amalungelo nomsebenzi obhekene nomuntu oboshiwe?
Yikuphi okufanele kwenziwe amaphoyisa ngesikhathi ebopha umuntu?
Yini okumele iphoyisa liyazise umuntu oboshwayo ngesikhathi limbopha?
Angasifaka nini futhi kuphi isicelo sebheyili umuntu oboshiwe?
Yimaphi amalungelo omuntu oboshiwe akhinyabezekayo?
Angakhinyabezeka kanjani lamalungelo?
Lawula ingxoxo ejwayelekile ngamazinga ahlukene okusetshenziswa kwendluzula ngesikhathi kuboshwa umuntu, uqale ngobuncane bendluzula engasetshenziswa.
Iphoyisa lingamdubula nini umuntu obalekayo?
Ingasetshenziswa indluzula uma kuseshwa umuntu oboshiwe?
Yimiphi imithetho esebenza lapho kuseshwa futhi kuthathwa impahla?
amalungelo omuntu othathelwa impahla ngenhloso yokwenza uphenyo, ngokoMthethosisekelo: kanye nokukhinyabezwa okunesizathu kwala malungelo, ngokusebenzisa izinqubomgomo neziqondiso okuzokwabelwana ngakho kule seshini ngendlela yokwenza ukuthi kungene engqondweni ngokuhambelana ngokwenqubomgomo yamalungelo; kanye nemiphumela yokusesha ngendlela engahambelani noMthethosisekelo.
Ukusesha nokuthatha impahla kungukukhinyabezwa okukhulu kwamalungelo omuntu. UMthethosisekelo uqinisekisa ilungelo lokungaphazamiseki (isigaba 14 soMthethosisekelo) nelungelo lomuntu lenkululeko nokuphepha (isigaba 12 soMthethosisekelo). La malungelo asho ukuthi uMbuso (amaphoyisa) awukwazi ukuvele useshe ikhaya lomuntu, indawo yakhe noma umzimba wakhe futhi awakwazi ukuthatha izimpahla zakho, avule iposi lakho noma acuphe ifoni yakho ngaphandle kokugunyazwa ngumthetho. Kubalulekile ukwazi ukuthi la malungelo awaphelele njengoba engakhinyabezwa.
ka- 1977 ogunyaza lokhu kwenza. Lokhu kungenziwa, ngokwesiboniso, uma eseshwa umuntu, uma kuseshwa indlu yomuntu noma uma kuthathwa okuthile komuntu ngokuhambelana nomthetho.
Khumbula ukuthi iphoyisa lingasesha futhi lithathe izimpahla uma ligunyazwe ngumthetho ukwenza njalo. Kubalulekile ukuthi iphoyisa lisebenzise la mandla ngaphakathi kwemigomo yezimiso ezifanele zomthetho nokuthi liqinisekise ukuthi amalungelo abantu alowo muntu awaphazamiseki. Uma iphoyisa lenza umsebenzi walo ngokuhambelana nomthetho, lokhu kukhinyabezeka kwamalungelo omuntu kuyoba semthethweni (kunesizathu).
Umuntu unamalungelo aqinisekiswe kuMthethosisekelo, noma ngabe yena noma impahla yakhe iyaseshwa noma iyathathwa. Kubalulekile ukuthi izenzo zephoyisa zihlale zisemthethweni. Uma amalungelo omuntu ekhinyabezwa ukuseshwa nokuthathelwa impahla, lokhu kukhinyabezeka kumele kugcinwe kuphansi.
Inhloso yalo msebenzi ukukhuthaza abafundi ukuthi bacabange ngemiphumela okungaba nayo kumalungelo omuntu ukusesha nokuthatha impahla.
Tshela abafundi ukuthi benze amaqembu baxoxisane ngalokhu okulandelayo.
Nikeza izibonelo zamalungelo angakhinyabezwa ukusesha nokuthatha impahla.
Batshele ukuthi babheke isigaba sesikhinyabezo ikhasi 6 lezincwadi zokusebenzela bese behlola ukuthi ukusesha nokuthatha impahla kungabonwa yini njengokukhinyabeza amalungelo abantu okunesizathu.
Tshela abafundi ukuthi banikeze izibonelo zemithetho (umthetho wokwenza okujwayelekile) elawula ukusesha nokuthatha impahla.
Thola umbiko wabakuxoxisene: oyedwa wabo makabhale amalungelo angakhinyabezeka eshadini elipheqekayo noma ebhodini ngesikhathi amaqembu ebika axoxisene ngakho.
Xoxisanani ngokusetshenziswa kwesigaba sokukhinyabeza.
Phetha ngokuxoxisana okungujikelele.
Uma kukhinyabezeka noma yimaphi kumalungelo akuMthetho waMalungelo, njengokusesha nokuthatha impahla, ukukhinyabezeka kumele kuhlolwe ngokubheka izidingongqangi zesigaba sokukhinyabezeka.
Amalungelo angakhinyabezwa kangangokuba lokho kukhinyabezeka kunomqondo. Lokhu kusho ukuthi ukukhinyabezeka kumele kube ngokunomqondo kuleso simo okuseshwa ngaphansi kwaso.
Amanothi kumele lisebenzise leyo ndlela. Izinhloso yizona oziyokweseka ukusesha. Ngakho-ke ukukhinyabezeka kuyoba ngokunomqondo. Amaphoyisa akumele akhinyabeze amalungelo omuntu ngendlela engenamqondo.
Ukukhinyabeza kumele kwesekwe ngendlela esobala futhi incike entandweni yeningi encike esithunzini sobuntu, ukulingana nenkululeko. Lokhu kusho ukuthi kumele ukwazi ukumela izenzo zakho enkantolo yomthetho ngemuva kokusesha nokuthatha impahla. Ukuba sobala nomphakathi onentando yeningi kusho ukuthi amaphoyisa akweminye imiphakathi enentando yeningi ayengenza ngendlela efanayo ngaphansi kwezimo ezifanayo. Kufanele uhlale njalo uphatha wonke umuntu ngenhlonipho nangokuzithoba nangendlela engalindeleka ngokunomqondo kwamanye amaphoyisa. Awufanele ukuthi ubandlulule noma ngubani. Khumbula ukuthi umuntu uthathwa njengomsulwa kuze kutholwe ubufakazi bokuthi unecala enkantolo yomthetho.
Ngokwesigaba 36 (a) kuya ku-(e) umgomo wokufaneleka uyohlala usebenza. Lokhu kuchaza ukuthi noma yikuphi ukuphazamisa amalungelo omuntu okuba yedwa kufanele kufaneleke nohlobo nokujula kobuhlungu obubangwe ukukhinyabeza. Kufanele-ke kube nokusimama phakathi kwelungelo lomuntu lokuba yedwa kanye nobunzulu bokuphazamiseka kwakho. Amalungelo kufanele akhinyabezeke ngobuncane. Inhloso ifanele yeseke ukusesha (ukuphazamisa).
Ilungelo lokushiywa wedwa yilungelo lomuntu elisemqoka. Ukuvikelwa ekuphazamiseni okungenamqondo noma okungenaseseko kwelungelo lomuntu lokushiywa yedwa kubaluleke kakhulu. Ukuvikela amalungelo omuntu nokuqinisekisa ukuthi amaphoyisa enza ngokusemthethweni, kusemqoka ukuthola iwaranti ngaphambi kokuthi kuseshwe futhi kuthathwe izimpahla. Isigaba 21 se-CPA uhlinzeka ngokuvikela okuthile ngokufuna ukuthi impahla "iyothathwa kuphela uma kunewaranti yokusesha". Le waranti ingakhishwa ngumphathi wezomthetho ophakeme kuphela, lokhu kusho imantshi noma umqondisi wezoxolo (okubandakanya nomphathi omisiwe we-SAPS). Umphathi ophakeme wezomthetho uyohlola imininingwane anikwe yona eyizifungo abese esebenzisa ukubona kwakhe ukuthatha isinqumo sokuthi kufanele yini ukuthi kuseshwe, lapho kuyobe sekukhishwa iwaranti ngumphathi ofanele.
Lawula ukuxoxisana okungujikelele ngale mibuzo elandelayo.
Ungayithola kuphi iwaranti?
Yimiphi imininingwae efanele ukuba sesicelweni sewaranti?
Xoxisanani ngokuthi yini okufanele ibe kuwaranti?
Ingabe kufanele ukuthi uveze ikhophi yewaranti kumnikazi wendawo noma kumhlali?
Okufanele kusetshenziswe ngesikhathi kufingqwa.
Iwaranti yokusesha kungcono itholwe kummeli-mthetho (imantshi noma ijaji). Amaphoyiya angokhomishana nawo anawo amandla okukhipha iwaranti, kodwa akufanele azibandakanye ekusesheni okufunelwa iwaranti. Leli phoyisa kumele kube ngelizimele futhi elikwazi ukubheka lingaphandle kwesimo ukuze likwazi ukuthatha isinqumo sokuthi liyikhiphe yini iwaranti ngokobufakazi obuphambi kwalo noma qha. Amaphoyisa angokhomishana agunyaziwe ukuthi angakhipha iwaranti kodwa amanye amaphoyisa akumele angabaze ukusebenzisa le ndlela yokuthola iwaranti, ikakhulukazi uma ingekho imatshi eseduze. Iwaranti ekhishwe yimantshi nephoyisa elingukhomishana ibaluleke ngokufanayo. Kungcono ukusesha ngewaranti ekhishwe yiphoyisa elingukhomishana kunokusesha ngaphandle kwewaranti.
Lezozimpahla zikumuntu othile noma endaweni ethile.
Iwaranti igunyaza ukuseshwa komuntu othile noma indawo ethile kufunwa izinto ezithile.
Iwaranti ikhomba indawo ethile ezoseshwa.
Iwaranti kumele ilandelwe emini ngaphandle kokuthi igunyazwe ngokunye, ngemuva kokuthi kunikezwe isizathu esibonakalayo sokuthi kuseshwe ebusuku.
Iwaranti iyohlala isebenza ize ilandelwe noma yesulwe ngumuntu oyikhiphile noma onokugunyaza okufanayo.
Kumele kuthi ngemuva kokusesha, ikhophi yewaranti inikezwe lowo muntu okuphazanyiswe amalungelo akhe. Kuvama ukuthi kube ngumnikazi wendawo noma umhlali noma umuntu oseshiwe.
Iwaranti kumele ilandelwe ngendlela ebalulwe kuyo.
Ukusesha kumele, njengomthetho ongujikelele, kwenziwe phambi komnikazi wendawo noma umhlali.
Ubunzulu bendlela iziphathimandla ezikubuka ngayo ukuphazanyiswa kwelungelo lomuntu lokushiywa yedwa ngendlela engekho emthethweni itshengiswe ezimisweni zesigaba 28 soMthetho weNqubo Yezobugebengu. Lesi sigaba sihlinzeka ngokuthi iphoyisa elenza ngendlela ephambene nokugunyazwe yiwaranti, noma elisesha noma lithathe impahla ngaphandle kokuthi ligunyazwe ukwenza njalo, liyoba necala. Umuntu owehlelwe yilesi senzo esingekho emthethweni naye angalithathela izinyathelo zomthetho lelo phoyisa. Isigaba 28 asikubali ukubekwa icala okungase kubekwe lowo oseshe futhi wathatha impahla ngokungekho emthethweni. Sibala amacala emithetho engabhaliwe njengokulimaza, ukushaya, ukulimaza impahla kabi nokweba.
Inhloso yalesi sifundo ukuxoxisana ngemiphumela yokusesha nokuthatha impahla okungekho emthethweni noma okungaphezu kokugunyazwa iwaranti.
Kungaba yini umphumela wokusesha ngokungekho emthethweni?
Ingabe izinkantolo ziyobamukela ubufakazi obutholwe ngesikhathi kuseshwa ngendlela engekho emthethweni?
Ecaleni phakathi kuka-S no-V Mayekiso no-Andere 1963 All SA 121(C) umseshi wangena Ekhaya lomsolwa wokuqala ngaphandle kwewaranti yokusesha wathatha izimpahla ezithile, kanye nezinye ezazisesikhwameni somsolwa wesithathu. Umsolwa wokuqala wavuma ukuthi kuseshwe ikhaya lakhe, kodwa babungekho ubufakazi bokuthi umsolwa wesithathu wayevumile ukuthi kuseshwe isikhwama sakhe. Inkantolo yama ngelokuthi izenzo zomseshi zabe "zingukuphazamisa ngamabomu nangolwazi" amalungelo okushiywa wedwa omsolwa wesithathu. Inkantolo yaphinda yakhomba ukuthi kwakungekho bufakazi obabuhlanganisa izimpahla ezazithathwe esikhwameni somsolwa wesithathu namacala ayesolwa ngawo nokuthi kwakungeke kwenzeke ukuthi umseshi ngesikhathi ethatha lezi zimpahla wayesophe ukuvimba ukuthi kungalinyazwa ubufakazi.
uma ukwamukelwa kwabo kuzokwenza ukuthi icala lingabi naqiniso noma bulimaze ubuphathiswa bezomthetho. Lokhu kuchaza ukuthi lobu bufakazi abuyuvunyelwa enkantolo. Lokhu kungaba nomphumela wokuthi aphume phambili ecaleni umsolwa.
Umthetho wenjwayelo kumele kube ukusesha ngewaranti. Njengoba ukusesha nokuthatha impahla kungukuphazamisa okunzulu ilungelo lomuntu lokushiywa yedwa, umthetho othi iwaranti iyadingeka ungukuvikela okubalulekile. Ifuna ukuthi imibandela ekhona iqale ihlolwe ngumuntu ongathintekile futhi onobuqotho okumele anqume ukuthi inkolelo yephoyisa, engukuthi ukusesha nokuthatha impahla kunesesekelo, inomqondo. Lokhu kuvikeleka, kodwa, kuyagwemeka uma kuseshwa ngaphandle kwewaranti kanti kumele ube nesizathu esiqinile salokhu kusesha nokuthi kwakungeke kukwazeke ukuthi kutholakale iwaranti yokusesha. Kuba nezikhathi lapho, ngempela, kungakwazeki ukuthi kutholakale iwaranti yokusesha, njengokuthi uma isimo sidinga ukuthi kuseshwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi ubufakazi abubulawa noma bulahlwe. Kuhlinzekelwe-ke esigabeni 22 soMthetho weNqubo Yezobugebengu ukuthi kuseshwe futhi kuthathwe impahla ngaphandle kwewaranti.
Lapho kuboshwa umuntu amaphoyisa kufanele amseshe umuntu ngaphambi kokuthi ambophe. Lokhu kwenziwa ngaphandle kwewaranti kanti kusemthethweni. Isigaba 23 se-CPA sivumela ukuthi aseshwe umuntu oboshiwe kanye nendawo ngaphansi kwezimo ezithile.
Inhloso yalo msebenzi ukuxoxisana ngokusesha ngaphandle kwewaranti.
Imibuzo nezimpendulo sebenzisa ithransipharensi: Umsebenzi 5.5.
Lingasesha iphoyisa ngaphandle kwewaranti, uma kunjalo, nini?
Iphoyisa lingamsesha umuntu noma isitsha noma indawo yakhe ngaphandle kwewaranti ngenhloso yokuthatha noma iyiphi impahla ekhonjwe esigabeni 20.
uma efaka isicelo sayo; futhi ii ukulibala ukuthola iwaranti kuzophazamisa inhloso yokusesha.
isimo, nokuvikela umuntu oboshiwe ukuthi angazilimazi, nokuvimba ukuthi iphoyisa noma omunye nje umuntu ahlaselwe, nokuthola ubufakazi obucindezela umuntu oboshiwe.
Nakuba izidingongqangi zokwenza ngaphandle kwewaranti zifana nalezo zokwenza ngewaranti izinkantolo zivama ukungawaphathi ngendlela efanayo la macala futhi zenza isiqinisekiso sokuthi zathotshelwa zonke izidingongqangi ngesikhathi kwenziwa ngaphandle kwewaranti. Inkantolo iqina kakhudlwana ngenxa yokuthi kusuke kungazange kube khona iqembu elizimele eliba yingxenye yokuthatha isinqumo.
Konke ukusesha nokuthathwa kwempahla kumele kwenziwe ngokubonelela isithunzi somuntu. Lokhu kusho ukuthi kumele uphathe abantu nempahla ngenhlonipho futhi kungabi khona ukwenziwa komonakalo nokungcolisa okungenasidingo. Indlela enhle kungaba ukuphatha abanye abantu nempahla yabo ngendlela nawe ongafisa ukuphathwa ngayo uma uzithola esimeni esifanayo. Lokhu kuhambelana nesigaba 10 soMthethosisekelo. UMthetho weNqubo Yezobugebenguihlinzeka ngphlahlondlela lokuqinisekisa ukuthi konke ukusesha nokuthathwa kwempahla kuyahambelana nesithunzi sobuntu (isigaba 29 soMthetho weNqubo Yezobugebengu).
Imizimba kumele isehelwe ngasese, uma kungenzeka. Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuvikeleka kwesithunzi somuntu.
Ingabe iphoyisa lesilisa lingamsesha owesimame?
Uma lingekho iphoyisa lesimame, kumele lenzenjani iphoyisa lesilisa?
Ukusesha umuntu noma indawo yomutnu kumele kwenziwe ngokukhulu ukubonelela ukuhlonipheka nobunono, futhi umuntu wesimame kufanele aseshwe omunye umuntu wesimame kanti uma lingekho iphoyisa lesimame, ukusesha kumele kwenziwe yinoma yimuphi umuntu wesifazane obekelwe lokhu yiphoyisa.
Amanothi osemphakathini ukuthi aseshe lowo muntu wesimame.
Ukusesha ngendlela ethinta imizwa, lokhu kusho ukuseshwa kwemifantu yomzimba (isinene nezinqa), kungenziwa ngudokotela kuphela. Lokhu kusesha kungenziwa kuphela uma kunesizathu esibonakalayo sokukholwa ukuthi leyo mpahla ekhonjwe esigabeni 20 soMthetho Wenqubo Yezobugabengu ifihlwe kuleyo ngxenye yomzimba womuntu oboshiwe.
Iphoyisa elingasesha noma yimuphi umuntu nanoma iyiphi indawo ngokusemthethweni, noma elingangena kunoma iyiphi indawo ngenhloso yokuthola ubufakazi lingasebenzisa leyo ndluzula engase idingeke ukuze lithobe ukutelekela lokho kusesha noma ukungena. (isigaba 27 se-CPA). Lokhu kusho ukuthi iphoyisa lingasebenzisa leyo ndluzula engadingeka ngokunomqondo kuleso simo. Ngokudingekayo ngokunomqondo kusho ukuthi uma singekho isidingo sokusebenzisa indluzula, ungayisebenzisi ngisho nencane. Ungasebenzisa leyo ndluzula edingekayo kuphela ukugwema noma ukuthambisa ukwesatshiswa noma ukuteleka kuphela (isigaba 13 soMthetho we- SAPS: Ubuncane bendluzula).
Ukusebenzisa indluzula ukungena endaweni.
Ngokwesigaba 27 soMthetho Wenqubo Yezobugebengu iphoyisa lingayisebenzisa indluzula edingekayo ukuthi lingene endaweni elizoyisesha. Ngaphambi kokuthi lisebenzise indluzula, iphoyisa kumele liqale ngokufuna ukungena ngokusebenzisa amazwi futhi lisho nesizathu sokufuna ukungena kuleyo ndawo.
Iphoyisa lingawephula umnyango ukuze lingene. akumele isetshenziswe nakancane indluzula uma singekho isidingo.
Kukhona okukhethekile emthethweni ojwayelekile. Uma iphoyisa likholelwa ngesizathu esibonakalayo ukuthi noma iyiphi impahla ezoseshwa ingase ilinyazwe noma ilahlwe noma ichithwe uma ukungena kufunwa ngomlomo futhi kubikwa isizathu sokufuna ukungena, ilungu lamaphoyisa lingayisebenzisa leyo ndluzula edingeka ngokunomqondo. Lokhu kungenzeka uma lokho okuzoseshwa kuyinto encane kakhulu noma inezidakamizwa eziyizijumbana engachithwa noma ilinyazwe kalula, njenganokuthi ichithwe edreyinini noma igwinye noma uma izimpilo zamanye amaphoyisa zisengozini uma kungase kungqongqozwe, njengokuthi amaphoyisa azi ukuthi lowo muntu ongaphakathi unesibhamu. Lokhu kukhetheka kubizwa ngokuthi "yisigaba sokungangqongqozi".
Engase itholwe ezimpahleni zakhe. Uma kudingeka ukusebenzisa indluzula, ingasetshenziswa indluzula enomqondo. Kumele kuhlale kukhunjulwa imithetho yokusesha okuvusa imizwa.
Inqubomgomo yendluzula ephansi kufanele ihlale ithotshelwa. Uma singekho isidingo sokusebenzisa indluzula ukuze kuthathwe impahla akumele isetshenziswe nhlobo.
Ukusetshenziswa kwendluzula uma kuseshwa indawo ukuze kuthathwe impahla.
Indluzula kumele isetshenziswe kuphela uma kunokuteleka kanti kufanele ibe yikhambi lokugcina. Ukusetshenziswa kwendluzula kuyoba semthethweni kuphela uma nokusesha kusemthethweni. Khumbula, uma ungadingi ukuthi usebenzise indluzula ungayisebenzisi nhlobo.
Izibonelo: Akufanele ugqekeze idilowa ukuze ufune ibhayisikili. Akufanele ugqekeze isitsha esikhanyayo okwazi ukubona konke okungaphakathi kuso.
Sesha lezo zindawo kuphela okungase kutholakale lokho okufunayo (Isibonelo: ithelevishini ayikwazi ukungena ebhokisini lemigexo).
Ukusesha kumele kwenziwe phakathi kokuphuma kwelanga nokushona kwelanga ngaphandle uma iwaranti ikhomba ngokunye.
Nikeza umunut ohlala kuleyo ndawo ikhophi yewaranti lapho eyicela, ngemuva kokuthi sekuqediwe ukusesha.
Ukuphazamisa amalungelo omuntu kumele kugcinwe kusezingeni eliphansi kangangoba isimo singakuvumela.
Lingayisebenzisa indluzula iphoyisa ukuze lingene endaweni elifuna ukuyisesha?
Lingayisebenzisa indluzula iphoyisa ukuze lithathe impahla?
Xoxani ngemigomo ejwayelekile esebenza lapho kuseshwa nalapho kuthathwa khona impahla.
Akuyona inhloso yoMthethosisekelo ukuvimba ukusesha ngecala ngokuphelele, kodwa ingukuvikela amalungelo abo bonke abantu.
Zichaza ukuthini izigaba 12 no-14 zoMthethosisekelo mayelana nokusesha nokuthatha impahla?
Kuhle ngani ukuthola iwaranti yokusesha ngaphambi kokusesha?
Imiphi imininingwane okufanele ibe kuwaranti?
Yimiphi imiphumela yokusesha okungekho emthethweni noma ukusesha okweqa igunya lakho?
Yikuphi okufanele liqale likwenze iphoyisa ngaphambi kokuthi lisebenzise indluzula ukuze lingene endaweni liyiseshe futhi lithathe impahla Kukhona okuxolelwayo kulo mthetho?
Ihlala isikhathi esingakanani iwaranti, futhi ingasetshenziswa kangaki?
c bangathathelwa okungokwabo; futhi d kungaphazanyiswa ingasese lezingxoxo zabo.
Lezi zimpahla zisendaweni ethile noma zikumuntu othile.
Iwaranti igunyaza ukuseshwa komuntu othile noma indawo ethile kufunwa izinto ezithile.
Iwaranti ikhomba indawo ethile okumele iseshwe.
Iwaranti ikhomba umuntu othile okumele aseshwe (okungabala noma ngubani otholwe ekuleyo ndawo).
Iwaranti kumele isetshenziswe emini ngaphandle kokuthi kugunyazwe ngokunye.
Iwaranti iyohlala isebenza ize isetshenziswe noma yesulwe yilowo muntu oyikhiphile noma onamandla afanayo.
Ikhophi yewaranti kufanele inikezwe umuntu okungase kuphazanyiswe amalungelo akhe, okuvama ukuthi kube ngumnikazi wendawo noma umuntu ohlala kuleyo ndawo.
Iwaranti kufanele isetshenziswe ngendlela ebalulwe kuyona.
Sesha kuphela lapho ingase itholakale khona impahla.
Ukusesha kumele kwenzeke phakathi kokuphuma kwelanga nokushona kwelanga ngaphandle kokuthi iwaranti isho ngokunye.
Nikeza umuntu ohlala kuleyo ndawo ikhophi yewaranti lapho eyicela, ngemuva kokuphela kokusesha.
Iwaranti yokusesha kufanele itshengiswe umuntu ohlala lapho ngaphambi kokuthi kuqale kuseshwe, uma lowo muntu ekhona.
Kumele kuseshwe njengokomgomo ojwayelekile phambi komnikazi wendawo noma phambi komuntu ohlala kuleyo ndawo.
Ukuphazanyiswa kwamalungelo omuntu kumele kugcinwe kukuncane kangangoba kungenzeka kuleso simo.
Indluzula ingasetshenziswa kuphela uma kunesidingo esikhulu.
Bala izibonelo zamalungelo angakhinyabezeka uma kuseshwa futhi kuthathwa impahla.
Funda isigaba sokukhinyabezeka kwekhasi 6 lezincwadi zokusebenza bese uhlola ukuthi ukusesha nokuthatha impahla kungabonwa yini njengokukhinyabeza okunesisekelo kwamalungelo omuntu.
Ungayithola nini iwaranti?
Yimiphi imininingwane efanele ibe sesicelweni sewaranti?
Kufanele kuseshwe nini?
Ingabe kufanele ukuthi unike umnikazi wendawo noma umuntu ohlala kuleyo ndawo iwaranti?
Yikuphi okungaba yimiphumela yokusesha ngokungemthetho?
Zingabamukela ubufakazi obutholwe ngokusesha okungekho emthethweni izinkantolo?
Lingasesha ngaphandle kwewaranti iphoyisa, uma kunjalo, nini?
Lingamsesha umuntu wesimame iphoyisa lesilisa?
Uma lingekho iphoyisa lesimame, kumele lenzenjani iphoyisa lesilisa?
Lingayisebenzisa indluzula iphoyisa ukuze lingene endaweni elifuna ukuyisesha?
Lingayisebenzisa indluzula iphoyisa ukusesha impahla?
Amalungelo abantu awawo wonke umuntu eNingizimu Afrika, sekuhlangene namaphoyisa. Ilungelo ngalinye lomphakathi lihambisana nomsebenzi. Ingxenye yomsebenzi wawo wonke amalungu Ezezinsizakalo Zamaphoyisa aseNingizimu Afrika, njengamalungu oMbuso, ukuhlonipha nokuvikela amalungelo abo bonke abantu. Kunomunye umsebenzi wamaphoyisa ongukusebenzela umphakathi nokwenza umsebenzi wawo ngokuzihlonipha nangobungcweti.
Ukuqeda ubugebengu ngomfutho eNingizimu Afrika ngaphandle kokuphazamisa amalungelo abantu kudinga izinsizakalo zamaphoyisa anobuqotho. Ukukhinyabeza amalungelo abantu ngamaphoyisa kuyohlala kuthathwa njengokuziphatha kabi okukhulu kanti kuyojeziswa kanzima.
Babuze ukuthi bayaqonda yini ukuthi kuhlosweni.
soMthethosisekelo, incwadi yokusebenza, ikhasi 5 bese bexoxisana ngokuchazwa yikho.
Ngaphambi kokuthi ubonise ividiyo tshela abafundi ukuthi bahlale becabanga ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu.
Kumele futhi bacabange ngokuthi lokhu kuhlukunyezwa kungakuphazamisa kanjani ukuqondiswa kwezigwegwe kanye neqhaza elibanjwa okhomanda bamaphoyisa ku-SAPS.
Ngemuva kwevidiyo buza abafundi, ngokusebenzisa indlela yokubabuza ngamunye ukuthi bacabangani ngevidiyo mayelana namalungelo abantu nobuphoyisa.
Ukululaza izinhloso zeqiniso (ngokwemboza ubugebengu).
Ubufakazi obutholwe ngenxa yokuhlukunyezwa kwmalungelo abantu bungachithwa okungaphetha ngokuthi umuntu onecala adedelwe.
Kungathathelwa iphoyisa izinyathelo zokuqondisa izigwegwe.
Ukufingqwa kokuxoshwa (bheka isigaba 36 somthetho we-SAPS: uma kukhishwe isigwebo sejele ngaphandle kokukhethiswa inhlawulo).
Ukufunwa kwenkokhelo yomthetho kuMbuso.
Inhloso yalo msebenzi ukwenza ukuthi amaphoyisa acabange ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu futhi axoxisane ngemiphumela yalokhu kuhlukumeza.
Hlukanisa abafundi ngamaqembu anabantu abangevile kwabahlanu.
Tshela iqembu ngalinye ukuthi lenze lokhu okulandelayo: Sebenzisa ithransipharensi : umsebenzi 7.3.
Bhala ukuthi kumele lenzeni iphoyisa uma libona kuhlukunyezwa amalungelo abantu.
Okungenzeka uma iphoyisa lihlukumeza amalungelo abantu.
Tshela iqembu ngalinye ukuthi lisho isibonelo esisodwa sokufanele kwenziwe yiphoyisa. Buza wonke amaqembu kuze kuphele uhla lwamaqembu.
Kuphinde lokhu ngayo yonke imiphumela.
Amaphoyisa aphethe ayobhecwa ngecala ngokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu uma ebazi, noma ebefanele ukuthi azi, ngokwenzeka kwakho kodwa ehluleka ukwenza okuthile.
Amaphoyisa kufanele engaboshwa noma engajeziswa uma enqaba ukulandela imiyalelo yabaphathi bawo engekho emthethweni.
Akufanele ukuthi kubekwe ukuhlonipha imiyalelo yabaphathi njengesizathu sokuhlukumeza okwenziwe amaphoyisa.
Kufanele lenzeni iphoyisa uma libona elinye iphoyisa lihlukumeza amalungelo abantu?
Libike lokho okwenzekile kukhomishana Yezamalungelo Abantu yaseNingizimu Afrika; futhi/noma, libikele uMvikeli Womphakathi.
Uma ukuhlukumeza amalungelo omphakathi kuphinde kwaba yicala lobelelesi kumele kuvulwe idokodo.
Ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu kungaba nomphumela wokuthi kuthathwe izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.
Uphenyo lokuqondiswa kwezigwegwe kufanele lusheshe, luphelele futhi lungenzeleli.
Amanothi kulindwe kuze kuphethwe uphenyo lobelelesi.
Uphenyo luyobe luhlose ukuthola abahlukumezekile, ukuthola nokugcina ubufakazi, ukuthola ofakazi, ukuthola isizathu, indlela, indawo nesikhathi sokuhlukumeza, nokuthola futhi kubanjwe abanecala lalokhu kuhlukumeza.
Indawo okwenzeke kuyona icala iyobhekisiswa.
I-ICD ingaphenya ngodaba, ikakhulukazi lawo macala abandakanya ukufa komuntu obegcinwe amaphoyisa noma ngenxa yezenzo zamaphoyisa. I-ICD ingaludlulisela emaphoyiseni udaba ukuthi aphenye ngalo bese ilawula inqubekelaphambili.
Ekupheleni kophenyo i-ICD ingenza izincomo zokuthi kufanele yini kuthathwe izinyathelo zokubeka iphoyisa icala noma zokuliqondisa izigwegwe.
ngokuphakamisa ukwethemba amaphoyisa emizameni yawo yokuguqula insizakalo nokuthi athole ukuhlonishwa umphakathi; kanye nangokusiza ukuguqula insizakalo ibe yithimba elifanele futhi elithola ukuhlonishwa umphakathi ekuvimbeni nasekuqedeni ubelelesi.
Inhloso yalo msebenzi ukwenza ukuthi amaphoyisa acabange ngendima edlalwa yi-ICD ekuqinisekiseni ukuthi amaphoyisa ayawahlonipha amalungelo abantu.
Phetha ngengxoxo eyejwayelekile.
ngokuhlinzeka amaphoyisa ngokuwazisa kusesekude ngamaphoyisa ayinkinga noma angethembekile.
ngokuhlinzeka ngocwaningo ngokuphatha izikhalazo ngamaphoyisa ngobuqiniso nangokungenzeleli.
Yini okwethusa kakhulu ngombiko we-BBc ngesihluku samaphoyisa aseNingizimu Afrika kubasolwa ababanjiwe?
Ukushaya umsolwa olimele ngesidunu sesibhamu d Ukuhlikihlela isinqamu sogwayi ekhanda lomsolwa e noma ukuthi umphakathi waseNingizimu Afrika uyishayela ihlombe into enje.
Uma kuphenywa nganoma yikuphi ukuhlukunyezwa uphenyo kufanele lusheshe, lwenziwe ngabakwazi ukulwenza, lwenzisiswe, futhi lungenzeleli. Lesi yisisekelo sokuphatha okuqotho.
Isenzo sokuphatha esiqotho Isheduli 6, Ingxenye 232b yoMthethosisekelo.
b ngokwenqubo lesenzo sokuphatha esineqiniso noma yiliphi lamalungelo abo noma ukulindela okuthile ngokwempela kuthinteka noma kusengozini yokuphazamiseka c lokunikwa izizathu ezibhalwe phansi zezenzo zezobuphathiswa ezithinte noma yiliphi lamalungelo noma izintshiseko zabo ngaphandle kokuthi isizathu saleso senzo saziswe umphakathi wonke; kanye d nelesenzo sezobuphathiswa esinesisekelo mayelana nesizathu esikhishelwe sona lapho noma yimaphi kumalungelo abantu athintekile noma esabela ukuphazamiseka.
Lokhu kuchaza ukuthi kufanele kube nesizathu esiqotho nesibonakalayo sesenzo esithathiwe (Njengokumiswa emsebenzini, ukuqondiswa izigwegwe, ukwedluliselwa kwenye indawo, ukukhushulwa esikhundleni, njll).
Lokhu kuchaza ukuthi zonke izenzo zokuphatha kumele zibe buqotho ngokwenqubo. Lokhu kusho ukuthi kufanele kuthotshelwe imithetho yobulungiswa bemvelo.
linikwe ithuba lokuchaza ngecala lalo; futhi laziswe ngokuphelele ngezizathu zezenzo zobuphathiswa (izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe).
bacabangisise ngamaqiniso, hhayi ngemizwa yabo, ngokwethembeka, kanye ngokungenzeleli.
Ukuqeqesha kungaba enye yezinyathelo zokubhekana nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu?
Balula ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu owazi ngakho.
Inhloso yalo msebenzi ukufingqa iseshini nokuphendula noma yimiphi imibuzo esekhona.
Imibuzo ingasiza ngokuthi ihole inqubo futhi kutholakale nokuthi yikuphi okungakabhekwana nakho.
Kufanele lenzenjani iphoyisa uma libona kuhlukunyezwa amalungelo abantu?
Kungenzekani kwiphoyisa elihlukumeza amalungelo abantu?
Ukwehluleka ukuhlonipha amalungelo abantu kungaba nalo mphumela olandelayo: Ukuqondiswa kwezigwegwe 2.
Okunikezwayo kokufunda 7.
Kufanele lenzenjani iphoyisa uma libona kuhlukunyezwa amalungelo abantu?
Kungenzekani uma iphoyisa lihlukumeza amalungelo abantu?
Ukuthuthukisa ukuziphatha okuyikho kwamaphoyisa.
Izinsizakalo zamaPhoyisa aseNingizimu Afrika eziguqukile ezihambelana nomoya kanye nenhloso yoMthethosisekelo.
Ngokuphatha izikhalazo ngamaphoyisa ngeqiniso nangokungenzeleli.
Yiluphi uhlobo lwezikhalo ebhekene nalo i-IDC.
Nokufa komuntu obegcinwe amaphoyisa noma ngenxa yezenzo zamaphoyisa.
Nokubandakanyeka kwamalungu amaphoyisa ezenzweni zobelelesi ezinjengokubamba inkunzi, ukweba noma ukushaywa komuntu.
Nezenzo noma ukuziphatha kwamaphoyisa okwenqatshwa yiNqubomgomo yamaPhoyisa, njengokunganaki umsebenzi noma ukwehluleka ukuthobela Imithetho Yokuziphatha Kwamaphoyisa.
